Ugenesise 31:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Wayesezwa amazwi amadodana kaLabani, ethi: “UJakobe uthathile konke okwakungokukababa; ngokwakungokukababa uzizuzele lonke lolu dumo.”

2. UJakobe wabona ubuso bukaLabani; bheka, babungasenjengayizolo nakuthangi kuye.

3. UJehova wayesethi kuJakobe: “Buyela ezweni lawoyihlo nasezihlotsheni zakho; ngiyakuba nawe.”

4. UJakobe wathuma wabiza oRaheli noLeya, beze endle emhlambini wakhe.

Ugenesise 31