Ugenesise 21:29-34 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

29. U-Abimeleki wathi ku-Abrahama: “Lezi zimvukazana eziyisikhombisa ozibeke zodwa ziyini na?”

30. Wathi: “Lezi zimvukazana eziyisikhombisa uyakuzithatha esandleni sami, zibe ngubufakazi bokuthi ngiwumbile lomthombo.”

31. Ngalokho waqamba leyo ndawo ngokuthi iBeri Sheba,* ngokuba bafunga khona bobabili.

32. Base benza isivumelwano eBeri Sheba; u-Abimeleki wasukuma noPikoli induna yempi yakhe, babuyela ezweni lamaFilisti.

33. U-Abrahama watshala umtamariske* ngaseBeri Sheba, wakhuleka khona egameni likaJehova uNkulunkulu Ongunaphakade.

34. U-Abrahama wagogobala ezweni lamaFilisti izinsuku eziningi.

Ugenesise 21