Ugenesise 16:5-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. USarayi wathi ku-Abrama: “Okubi okwenziwe kimi akube phezu kwakho. Mina nganikela incekukazi yami esifubeni sakho; kepha nxa isibonile ukuthi ikhulelwe, ngase ngideleleka emehlweni ayo; uJehova makahlulele icala phakathi kwami nawe.”

6. U-Abrama wathi kuSarayi: “Bheka, incekukazi yakho isesandleni sakho; yenza kuyo okufanele emehlweni akho.” USarayi wayilaya, yabaleka ebusweni bakhe.

7. Ingelosi kaJehova yamfumana ngasemthonjeni wamanzi ehlane, umthombo osendleleni eya eShuri.

8. Yathi: “Hagari, ncekukazi kaSarayi, uvelaphi na? Uyangaphi na?”Wathi: “Ngibaleka ebusweni bukaSarayi inkosikazi yami.”

9. Ingelosi kaJehova yathi kuye: “Buyela kuyo inkosikazi yakho, uzithobise phansi kwesandla sayo.”

10. Ingelosi kaJehova yathi futhi kuye: “Ngiyakwandisa kakhulu inzalo yakho, ingabe isabalwa ngobuningi bayo.”

11. Ingelosi kaJehova yathi kuye: “Bheka, usukhulelwe; uyakuzala indodana, uyiqambe igama lokuthi u-Ishmayeli,* ngokuba uJehova uzwile ukuhlupheka kwakho.

Ugenesise 16