Ugenesise 14:18-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. UMelkisedeki inkosi yaseSalema waletha isinkwa newayini; wayengumpristi kaNkulunkulu oPhezukonke.

19. Wambusisa wathi: “U-Abrama makabusiswe nguNkulunkulu oPhezuknke, umdali wezulu nomhlaba.

20. Makabongwe uNkulunkulu oPhezukonke onike izitha zakho esandleni sakho.” U-Abrama wamnika okweshumi kwakho konke.

21. Inkosi yaseSodoma yathi ku-Abrama: “Ngiphe abantu, uzithathele impahla.”

22. Kepha u-Abrama wathi enkosini yaseSodoma: “Ngiyaphakamisela isandla sami kuJehova, uNkulunkulu oPhezukonke, umdali wezulu nomhlaba,

23. ngithi angiyikuthatha umucwana nomchilo wezicathulo nokunye okwakho ukuba ungasho ukuthi: ‘Ngimcebisile u-Abrama.’

24. Kuphela lokho ezikudlile izinceku, nesabelo samadoda ayehamba nami; o-Anere, no-Eshikoli, noMamre mabathathe isabelo sabo.”

Ugenesise 14