17. Emva kokubuya kwakhe ekunqobeni uKedorlawomere namakhosi anaye yaphuma inkosi yaseSodoma, yaya ukumhlangabeza esiGodini saseShave esiyisiGodi seNkosi.
18. UMelkisedeki inkosi yaseSalema waletha isinkwa newayini; wayengumpristi kaNkulunkulu oPhezukonke.
19. Wambusisa wathi: “U-Abrama makabusiswe nguNkulunkulu oPhezuknke, umdali wezulu nomhlaba.
20. Makabongwe uNkulunkulu oPhezukonke onike izitha zakho esandleni sakho.” U-Abrama wamnika okweshumi kwakho konke.
21. Inkosi yaseSodoma yathi ku-Abrama: “Ngiphe abantu, uzithathele impahla.”
22. Kepha u-Abrama wathi enkosini yaseSodoma: “Ngiyaphakamisela isandla sami kuJehova, uNkulunkulu oPhezukonke, umdali wezulu nomhlaba,
23. ngithi angiyikuthatha umucwana nomchilo wezicathulo nokunye okwakho ukuba ungasho ukuthi: ‘Ngimcebisile u-Abrama.’
24. Kuphela lokho ezikudlile izinceku, nesabelo samadoda ayehamba nami; o-Anere, no-Eshikoli, noMamre mabathathe isabelo sabo.”