Ugenesise 10:9-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Wayeyiphisi elinamandla ebusweni bukaJehova; ngalokho kuthiwa: “Iphisi elinamandla njengoNimrode ebusweni bukaJehova.”

10. Ukubusa kwakhe kwaqala eBabele, nase-Ereke, nase-Akade, naseKaline, ezweni laseShineyari.

11. Waphuma kulelo zwe, waya e-Asiriya, wakha iNineve, neRehoboti-Ire, neKhala,

12. neResene phakathi kweNineve neKhala; lo ungumuzi omkhulu.

13. UMisirayimi wazala amaLudi, nama-Anami, namaLehabi, namaNafetuhi,

Ugenesise 10