Uduteronomi 7:14-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Uyakubusiswa ngaphezu kwezizwe zonke, kungabikho mlisa nowesifazane oyinyumba phakathi kwenu noma phakathi kwezinkomo zenu.

15. UJehova uyakususa kuwe zonke izifo, angabeki kuwe izifo ezimbi zaseGibithe ozaziyo, kepha azifake phezu kwabo bonke abakuzondayo.

16. Uyakuqeda zonke izizwe uJehova uNkulunkulu wakho ayakuzinikela kuwe; iso lakho lingazihawukeli, ungakhonzi onkulunkulu bazo, ngokuba lokho kuyakuba lugibe kuwe.

17. “Uma uyakuthi enhliziyweni yakho: ‘Lezi zizwe ziningi kunami; ngingazixosha kanjani?’

18. ungazesabi, kodwa ukhumbule kahle lokho uJehova uNkulunkulu wakho akwenza kuFaro nakulo lonke iGibithe:

Uduteronomi 7