11. nezindlu ezigcwele zonke izinto ezinhle ongazigcwalisanga, nemithombo embiweyo ongayimbanga, nezivini neminqumo ongakutshalanga, nalapho udla usuthe,
12. xwaya ukuba ungakhohlwa uJehova owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.
13. “Womesaba uJehova uNkulunkulu wakho; wokhonza yena, ufunge igama lakhe.
14. Aniyikulandela abanye onkulunkulu, onkulunkulu babantu abanizungezayo
15. ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ophakathi kwakho unguNkulunkulu onomhawu funa intukuthelo kaJehova uNkulunkulu wakho ikuvuthele, ikuchithe ebusweni bomhlaba.