1. UMose wakhuphuka emathafeni akwaMowabi, waya entabeni yaseNebo esiqongweni sasePisiga esimalungana neJeriko. UJehova wamtshengisa izwe lonke lakwaGileyadi kwaze kwaba kwaDani,
2. noNafetali wonke, nezwe lakwa-Efrayimi, nelakwaManase, nezwe lonke lakwaJuda kwaze kwaba selwandle lwasentshonalanga,