1. Ngomnyaka wesithathu wokubusa kwenkosi uBelishasari kwabonakala kimi mina Daniyeli umbono emva kwalokho okwabonakala kimi kuqala.
2. Ngabona embonweni; kwase kuthi ekuboneni kwami ngangiseShushani endlini yenkosi esifundeni sase-Elamu; ngabona-ke embonweni, ngangisemfuleni i-Ulayi.
3. Ngase ngiphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, kwakumi phambi komfula inqama inezimpondo ezimbili; lezo zimpondo ezimbili zazithaphile, kepha olunye lwaluthaphe kunolunye, oluthaphileyo lwavela muva.