Udaniyeli 4:16-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. inhliziyo yakhe iyakuguqulwa ingabi ngeyomuntu, aphiwe inhliziyo yesilwane, kudlule izikhathi eziyisikhombisa phezu kwakhe.

17. “ ‘Kunqunyiwe ngesimemezelo sabalindi nangesiyalezo sezwi labangcwele ukuba abaphilayo bazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo, amise phezu kwayo ophansi phakathi kwabantu.’

18. “Leli phupho ngalibona mina Nebukadinesari; wena Beliteshasari, yisho incazelo, njengokuba bonke abahlakaniphileyo bombuso wami bengazi ukungazisa incazelo; kepha wena ungakwenza, ngokuba umoya wawonkulunkulu abangcwele ukuwe.”

19. Khona uDaniyeli ogama lakhe lalinguBeliteshasari wamangala isikhashana, imicabango yakhe yamesabisa. Inkosi yathatha yathi: “Beliteshasari, iphupho nencazo makungakwesabisi.”UBeliteshasari waphendula wathi: “Nkosi, iphupho malibe kwabakuzondayo, nencazo yalo kuzo izitha zakho.

20. Umuthi owawubonayo, owakhula, waqina, obude bawo bafinyelela ezulwini nokubonakala kwawo kwaze kwaba sekugcineni komhlaba;

21. omaqabunga awo ayemahle, nezithelo zawo zaziziningi, kukhona ukudla kuwo kubo bonke; ozilwane zasendle zahlala phansi kwawo, nezinyoni zezulu zakha emagatsheni awo:

22. nguwe nkosi okhulile waqina, ngokuba ubukhulu bakho bukhulile bufinyelele ezulwini nokubusa kwakho kuze kube sekugcineni komhlaba.

23. “Njengalokho inkosi yabona umlindi ongcwele ehla ezulwini, ethi: ‘Gawula umuthi, uwuchithe, kepha shiya isiqu sezimpande zawo emhlabathini, sinesibopho sensimbi nesethusi, ohlazeni lwasendle, simanziswe ngamazolo ezulu, isabelo saso sibe nezilwane zasendle, kuze kudlule izikhathi eziyisikhombisa phezu kwaso,’

Udaniyeli 4