Udaniyeli 3:4-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Kwase kumemeza ummemezeli ngamandla, wathi: “We nina bantu nezizwe, nezilimi, niyayalwa

5. ukuba ngesikhathi enizwa ngaso ukukhala kwecilongo, negenkle, nehabhu,* nomqangala, nogubhu, negemfe, nazo zonke izinhlobo zokubethwa, niwe phansi, nikhuleke esithombeni segolide uNebukadinesari inkosi asimisileyo.

6. Ongawi phansi, akhuleke, uyakuphonswa ngasona leso sikhathi phakathi kwesithando somlilo ovuthayo.”

7. Ngalokho lapho abantu bezwa ukukhala kwecilongo, negenkle, nehabhu,* nomqangala, nogubhu, nazo zonke izinhlobo zokubethwa, bonke abantu, nezizwe, nezilimi bawa phansi, bakhuleka esithombeni segolide asimisileyo uNebukadinesari inkosi.

8. Ngalokho kwasondela ngaleso sikhathi amadoda amaKaledi, ahleba abaJuda.

9. Athatha athi kuNebukadinesari inkosi: “Mana njalo, nkosi.

Udaniyeli 3