30. Imikhumbi yaseKitimi iyakuyisukela; bese idabuka, ibuye ithukuthelele isivumelwano esingcwele, ifeze; iyakubuya, inake abasishiyile isivumelwano esingcwele.
31. “Izimpi ziyakuvela nayo, zingcolise indlu engcwele, inqaba, zisuse umnikelo oshiswa imihla yonke, zimise isinengiso esichithayo.
32. Iyakonakalisa ngokuthopha abaphatha kabi isivumelwano, kepha abantu abamaziyo uNkulunkulu wabo bayakuba namandla, baphikelele.
33. “Abahlakaniphileyo babantu bayakuqondisa abaningi; kepha bayakuwa ngenkemba, nangelangabi, nangokuthunjwa, nangokuphangwa izinsuku eziningi.
34. Ekuweni kwabo bayakusizwa ngokusizwa okuncane, bese bebambelela kubo abaningi ngokuthopha.