17. Inceku enje yenkosi yami ingakhuluma kanjani nenkosi yami enje na? Ngokuba mina, khona lapho akusalanga mandla kimi, nokuphefumula bekungasekho kimi.”
18. Wabuye wangithinta obonakala njengomuntu, wangiqinisa.
19. Wathi: “Ungesabi, muntu othandekayo; ukuthula makube kuwe; qina, yebo, mawuqine.”Lapho ekhuluma kimi, ngaqiniswa, ngathi: “Mayikhulume inkosi yami, ngokuba ungiqinisile.”
20. Wayesethi kimi: “Uyazi ukuthi ngifikeleni kuwe na? Kepha manje ngiyakubuya ukuba ngilwe nesikhulu sasePheresiya; lapho ngiphumile kuso, siyakufika isikhulu saseJavani.
21. Kepha ngiyakutshela okulotshwe embhalweni weqiniso. Akakho noyedwa ozihlanganisa nami ukulwa nalaba ngaphandle kukaMikayeli, isikhulu senu.