U-Isaya 52:8-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Izwi labalindi bakho,bayaliphakamisa izwi,bajabule kanyekanye,ngokuba bayakubona iso neso,lapho uJehova ebuyela eSiyoni.

9. Qhumukani ngokuhlabelela,nihlabelele kanyekanye,nina zindawo ezichithekileyo zaseJerusalema,ngokuba uJehova ubaduduzile abantu bakhe,ulihlengile iJerusalema.

10. UJehova wambulile ingalo yakhe engcweleemehlweni ezizwe zonke,namajukujuku onke omhlabaayakubona insindiso kaNkulunkulu wethu.

11. Mukani, mukani, niphume lapha,ningathinti okungcolileyo,niphume phakathi kwalo, nizihlambululenina eniphatha izitsha zikaJehova.

12. Ngokuba aniyikuphuma ngokushesha,ningahambi ngokubaleka,ngokuba uJehova uyakuhamba phambi kwenu,noNkulunkulu ka-Israyeli uyakuba semva kwenu.

U-Isaya 52