U-Isaya 31:3-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. AbaseGibithe bangabantu,abasiye uNkulunkulu,amahhashi abo ayinyama,awasiwo umoya,nalapho uJehova eyakwelula isandla sakheuyakukhubeka naye osizayo,kuwe naye osizwayo,baphele bonke kanyekanye.

4. Ngokuba usho kanje kimi uJehova, uthi:“Njengengonyama ebhongayo,ibhongo lengonyama phezu kwempango yalo,lapho abelusi abaningi belibizelwe,aliyikwesaba izwi labo,lingazithobi ngomsindo wabo,kanjalo uJehova Sebawoti uyakwehlaukuba alwe entabeni yaseSiyoni nasegqumeni layo.

5. Njengezinyoni ezindizayokanjalo uJehova, uJehova Sebawoti,uyakulivikela iJerusalema;uyakulivikela, alophule,alidlule, alikhulule.”

6. Buyelani kuye enimhlubukile ngokujulileyo kangako nina bantwana bakwa-Israyeli.

U-Isaya 31