U-Isaya 24:6-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Ngalokho isiqalekiso sidlile umhlaba,nabakhileyo kuwo batholiswa icala;ngalokho abakhileyo emhlabeni bayashiswa,kusale abantu abayingcosana nje.

7. Iwayini elisha liyalila,umvini uyahhuma,bonke ababethokoza ngenhliziyo bayabubula.

8. Ukujabula kwezigubhu kunqamukile,ukuxokozela kwabajabulayo kuphelile,nenjabulo yehabhu* ikhawukile.

9. Abasayikuphuza iwayini ngesihlabelelo;uphuzo olunamandla luyakubaba kubo abaluphuzayo.

10. Umuzi oyihlane ubhidliziwe;zonke izindlu zivaliweukuba kungangeni muntu.

11. Kukhalwa ngewayini ezitaladini;yonke intokozo inyamalele;injabulo yezwe idlulile.

12. Emzini kusele incithakalo;isango livithiziwe, lachithwa.

U-Isaya 24