21. “Kimina, yebo, mina Aritahishashita inkosi, kukhishwa isimemezelo kubo bonke abaphathizikhwama abangaphesheya koMfula* ukuthi konke u-Ezra umpristi nombhali womthetho kaNkulunkulu wezulu ayakukubiza kini, makwenziwe ngesineke sonke,
22. kuze kube ngamatalenta* ayikhulu esiliva, namakhora* ayikhulu kakolweni, namabhati* ayikhulu ewayini, namabhati ayikhulu amafutha, nosawoti ongabaliwe.
23. Konke okusesimemezelweni sikaNkulunkulu wezulu makwenzelwe ngesineke indlu kaNkulunkulu wezulu, ngokuba kungase kube khona intukuthelo phezu kombuso wenkosi namadodana ayo na?