U-Esteri 4:1-2 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UMoridekayi esekwazi konke okwenziweyo, uMoridekayi waziklebhula izingubo zakhe, wembatha indwangu yamasaka nomlotha, waphumela phakathi komuzi, wakhala ngokukhala okukhulu okumunyu;

2. waya naphambi kwesango lenkosi, ngokuba kwakungekho ongangena esangweni lenkosi embethe indwangu yamasaka.

U-Esteri 4