U-Esteri 1:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi emihleni ka-Ahashiveroshi yena ungu-Ahashiveroshi lowo owabusa kusukela e-Indiya kuze kube seKushe phezu kwezifunda eziyikhulu namashumi amabili nesikhombisa

2. yebo, ngaleyo mihla lapho inkosi u-Ahashiveroshi ihlezi esihlalweni sobukhosi sombuso wayo, esasiseShushani endlini yenkosi,

3. ngomnyaka wesithathu wokubusa kwayo, yenzela izikhulu zayo zonke nezinceku zayo idili, amaqhawe asePheresiya naseMediya, nabakhulu nezikhulu zezifunda bephambi kwayo,

4. lapho iyibonakalisa ingcebo yombuso wayo odumileyo, nobukhosi nobuhle bobukhulu bayo izinsuku eziningi, izinsuku eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili.

5. Seziphelile lezo zinsuku, inkosi yenzela abantu bonke ababe khona eShushani endlini yenkosi, abakhulu nabancane, idili izinsuku eziyisikhombisa egcekeni lensimu yendlu yenkosi.

U-Esteri 1