11. Khona uFaro wabiza izihlakaniphi nabalumbi; izanusi zaseGibithe nazo zenze njalo ngemilingo yazo.
12. Ngokuba yilowo nalowo waphonsa phansi induku yakhe, zaphenduka izinyoka; kepha induku ka-Aroni yagwinya izinduku zabo.
13. Inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova.
14. UJehova wayesethi kuMose: “Inhliziyo kaFaro ilukhuni: uyenqaba ukuba abantu bahambe.
15. Yana kuFaro kusasa ekuseni; bheka, uyaphuma ukuya emanzini; yima ogwini lomfula ukumhlangabeza; induku eyaphenduka inyoka woyiphatha ngesandla sakho.
16. Wothi kuye: ‘UJehova, uNkulunkulu wamaHeberu, ungithume kuwe, uthi: Bavumele abantu bami ukuba bahambe bangikhonze ehlane; bheka, kuze kube manje awulalelanga.
17. UJehova usho kanje, uthi: Ngalokhu uyokwazi ukuthi nginguJehova: bheka, ngenduku esesandleni sami ngiyakushaya phezu kwamanzi asemfuleni, aphenduke igazi.
18. Izinhlanzi ezisemfuleni ziyakufa, umfula unuke; abaseGibithe bayakunengwa ngukuphuza amanzi emfuleni.’ ”