11. Hambani nina, nizifunele utshani, lapho ningabuthola khona, ngokuba imisebenzi yenu ayiyikuncishiswa ngalutho.”
12. Base behlakazeka abantu ezweni lonke laseGibithe ukuyobutha izinhlanga zibe yibona tshani babo.
13. Abaphathi babaqhuba, bathi: “Qedani imisebenzi yenu, imisebenzi yemihla ngemihla, njengasezinsukwini kusekhona utshani.”
14. Izinduna zabantwana bakwa-Israyeli abazibeke phezu kwabo abaphathi bakaFaro zashaywa, zabuzwa ukuthi: “Aniqedanga ngani umsebenzi wenu izolo nanamuhla ukubumba izitini njengaphambili na?”
15. Zase zifika izinduna zabantwana bakwa-Israyeli, zakhala kuFaro, zathi: “Uziphathelani izinceku zakho kanje na?
16. Izinceku zakho aziphiwanga tshani; nokho bathi kithi: ‘Bumbani izitini.’ Futhi bheka, izinceku zakho ziyashaywa, kepha icala likubantu bakho.”