9. ne-altare lomnikelo wokushiswa nezitsha zonke zalo, nomcengezi nesinqe sawo,
10. nezingubo ezifekethisiweyo, nezambatho ezingcwele zika-Aroni umpristi nezambatho zamadodana akhe zokuba bakhonze esikhundleni sobupristi,
11. namafutha okugcoba, nempepho yamakha athaphukayo yendawo engcwele, yebo, zenze njengakho konke engikuyale ngakho.”
12. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
13. “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Anogcina amasabatha, ngokuba aluphawu phakathi kwami nani ezizukulwaneni zenu ukuba nazi ukuthi nginguJehova oningcwelisayo.