U-Eksodusi 16:13-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Kwathi kusihlwa kwenyuka izigwaca, zasibekela ikamu;* ngakusasa kwakulele amazolo ekamu nxazonke.

14. Esenyukile amazolo akade elele khona, bheka, nakho okuthile okuncane okunjengenkwethu, kuncane njengongqoqwane emhlabathini.

15. Bakubona abantwana bakwa-Israyeli, bathi omunye komunye: “Yini le?” ngokuba babengazi ukuthi kuyini. UMose wathi kubo: “Kuyisinkwa uJehova aninike sona ukuba nisidle.

16. Lokhu kuyikho uJehova ayalile ngakho ukuthi: ‘Kubutheni, kube yilowo nalowo njengokudla kwakhe; anothatha iyomere* ngomuntu ngokwenani labantu benu, yilowo nalowo abathathele abasetendeni lakhe.’ ”

17. Abantwana bakwa-Israyeli benze njalo: abanye babutha okuningi abanye okuyingcosana.

18. Lapho sebelinganisa ngeyomere,* yena owayebuthe okuningi akabanga nokuseleyo, nowayebuthe okuyingcosana akaswelanga. Yilowo nalowo wabutha njengokudla kwakhe.

19. UMose wayesethi kubo: “Makungashiywa lutho kukho ngumuntu kuze kuse.”

20. Kodwa abamlalelanga uMose; abanye kubo bashiya okunye kwaze kwasa, kwazala izimpethu, kwanuka, uMose waze wabathukuthelela.

21. Bakubutha ekuseni njalo imihla ngemihla, kwaba yilowo nalowo muntu njengokudla kwakhe; kepha nxa ilanga selibalele, kwancibilika.

U-Eksodusi 16