17. Uzakubangenisa, ubatshale entabeni yefa lakho,indawo ozenzele yona, Jehova, ukuba uhlale kuyo,indlu engcwele, Nkosi, eziyimisile izandla zakho.
18. UJehova uyakubusa kuze kube phakade.”
19. Ngokuba amahhashi kaFaro angena elwandle kanye nezinqola zakhe nabamahhashi bakhe, uJehova wabuyisela amanzi olwandle phezu kwabo; kepha abantwana bakwa-Israyeli bahamba emhlabathini owomileyo ngaphakathi kolwandle.