1. UJehova wayesethi kuMose: “Ngisezakuletha inhlupheko eyodwa kuFaro nakulo iGibithe; ngasemuva uyakunivumela ukuba nisuke lapha; yebo, nxa eniyeka ukuba nihambe, uzakunixosha nokunixosha lapha.
2. Khuluma manje ezindlebeni zabantu ukuba yilowo nalowo mlisa acele kumakhelwane wakhe, yilowo nalowo wesifazane acele kumakhelwane wakhe izinto zesiliva nezinto zegolide.”
3. UJehova wabapha abantu umusa emehlweni abaseGibithe. Futhi lowo muntu uMose wayemkhulu kakhulu ezweni laseGibithe emehlweni ezinceku zikaFaro nasemehlweni abantu.
4. UMose wathi: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Ngaphakathi kwamabili ngizakuphuma, ngiye phakathi kweGibithe;
5. amazibulo onke asezweni laseGibithe ayakufa, kusukela kulo izibulo likaFaro ohlala esihlalweni sakhe sobukhosi kuze kube kulo izibulo lencekukazi engasetsheni lokugaya, kanye namazibulo onke ezinkomo.