U-Eksodusi 10:6-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Izindlu zakho, nezindlu zezinceku zakho zonke, nezindlu zabo bonke abaseGibithe ziyakugcwaliswa yiso, abangazange basibone esinjalo oyihlo nawoyise bawoyihlo, selokhu bafika emhlabeni kuze kube namuhla.’ ” Waphenduka, waphuma kuFaro.

7. Kepha izinceku zikaFaro zathi kuye: “Lo muntu uzakuba lugibe kuze kube nini na? Bavumele abantu ukuba bahambe bakhonze uJehova uNkulunkulu wabo. Awukwazi ukuthi iGibithe seliyashabalala na?”

8. OMose no-Aroni babuyiselwa kuFaro; wathi kubo: “Hambani nimkhonze uJehova uNkulunkulu wenu; kepha ngobani abazakuhamba na?”

9. UMose wathi: “Siyakuhamba nabasha bethu, nabadala bethu, namadodana ethu, namadodakazi ethu, nezimvu zethu, nezinkomo zethu, ngokuba sinomkhosi kaJehova.”

10. Wayesethi kubo: “Makabe nani-ke uJehova, njengokuba ngizakunivumela ukuba nihambe nezingane zenu; bhekani, ngokuba okubi kuphambi kwenu.

11. Kungabi njalo; hambani nina madoda nimkhonze uJehova, ngokuba yikho enikufunayo.” Base bexoshwa ebusweni bukaFaro.

12. UJehova wayesethi kuMose: “Yelula isandla sakho phezu kwezwe laseGibithe, kufike isikhonyane ukuba senyukele ezweni laseGibithe, sidle imifino yonke, konke okwashiywa yisichotho.”

13. UMose wayeselula induku yakhe phezu kwezwe laseGibithe; uJehova waletha umoya wasempumalanga ezweni ngalo lonke lolo suku nobusuku bonke; sekusile umoya wasempumalanga waletha isikhonyane.

14. Isikhonyane senyukela ezweni lonke laseGibithe, sahlala ezweni lonke laseGibithe, sasinzima kakhulu; ngaphambi kwaso kwakungazange kube khona isikhonyane esingangaso, nangasemva kwaso asisayikuba khona esingangaso.

15. Ngokuba sasibekela ubuso bonke bomhlaba, laze laba mnyama izwe. Sadla imifino yonke nezithelo zonke zemithi ezishiywe yisichotho; akwasala lutho oluluhlaza emithini nasemifinweni yasendle ezweni lonke laseGibithe.

16. Khona uFaro washesha wababiza oMose no-Aroni, wathi: “Ngonile kuJehova uNkulunkulu wenu nakinina.

17. Ngalokho ake nithethelele isono sami ngalesi sikhathi esisodwa nje, nincenge uJehova uNkulunkulu wenu ukuba asuse kimi lokhu kufa kuphela.”

18. Waphuma kuFaro, wamncenga uJehova.

U-Eksodusi 10