Ngokukamathewu 8:6-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. “Nkosi, umfana wami ulele endlini, ufe uhlangothi, ukhwelwe kakhulu ngubuhlungu.”

7. Wathi kuyo: “Mina ngizakuza ngimphulukise.”

8. Induna yekhulu yaphendula yathi: “Nkosi, angifanele ukuba ungene phansi kophahla lwami, kepha yisho izwi nje, khona umfana wami uyakusinda.

9. Ngokuba nami ngingumuntu ophansi kwamakhosi, nginamabutho phansi kwami; ngithi kwelinye: ‘Hamba,’ lihambe; ngithi kwelinye: ‘Woza,’ lize; nasencekwini yami: ‘Yenza lokhu,’ ikwenze.”

10. UJesu ekuzwa lokho wamangala, wathi kwabamlandelayo: “Ngiqinisile ngithi kini: Angizange ngifumane kwa-Israyeli ukukholwa okungaka kumuntu.

11. Kepha ngithi kini: Abaningi bayakuza bevela empumalanga nasentshonalanga, bahlale ekudleni no-Abrahama no-Isaka noJakobe embusweni wezulu,

12. kodwa abantwana bombuso bayakukhishelwa ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.”

Ngokukamathewu 8