Ngokukamathewu 28:15-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. Ayeseyithatha imali, enza njengokufundiswa kwawo. Leli zwi landa phakathi kwabaJuda kuze kube namuhla.

16. Kepha abafundi abayishumi nanye baya eGalile kuleyo ntaba uJesu ayebayalele yona;

17. sebembona bakhuleka kuye, kepha abanye bangabaza.

18. UJesu wasondela, wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni;

19. ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele,

20. nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube sekupheleni kwezwe.”

Ngokukamathewu 28