Ngokukamathewu 27:47-51 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

47. Abanye kwababemi khona bekuzwa bathi: “Lo ubiza u-Eliya.”

48. Masinyane omunye kubo wagijima, wathatha ilula, waligcwalisa ngoviniga, walihloma emhlangeni, wamphusiza.

49. Kepha abanye bathi: “Yeka, sibone uma u-Eliya eza ukumsindisa.”

50. UJesu wabuye wamemeza ngezwi elikhulu, wafa.

51. Bheka-ke, isihenqo sethempeli sadabuka kabili, kusukela phezulu kuze kufike phansi; umhlaba wazamazama, amadwala aqhekezeka;

Ngokukamathewu 27