Ngokukamathewu 26:13-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Ngiqinisile ngithi kini: Nomaphi lapho liyakushunyayelwa khona leli vangeli ezweni lonke, kuyakukhulunywa nangalokho akwenzileyo, kube yisikhumbuzo ngaye.”

14. Khona kwasuka omunye wabayishumi nambili othiwa uJuda Iskariyothe, waya kubapristi abakhulu,

15. wathi: “Niyakunginikani, ngimkhaphele kini, na?” Base bemnika izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu.

16. Kusukela lapho wafuna ithuba lokumkhaphela.

Ngokukamathewu 26