Ngokukamathewu 25:15-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. enye wayinika amatalenta* ayisihlanu, enye aba mabili, enye laba linye, kwaba yileyo naleyo njengamandla ayo; wamuka-ke.

16. Lowo obamukele amatalenta ayisihlanu wahamba masinyane, wasebenza ngawo, wazuza amanye ayisihlanu.

17. Kanjalo obamukele amabili wazuza amanye amabili.

18. Kepha obamukele lalinye waya wemba emhlabathini, wayifihla imali yenkosi yakhe.

19. “Kepha emva kwesikhathi eside yafika inkosi yalezo zinceku, yalandisana nazo.

Ngokukamathewu 25