Ngokukamathewu 21:43-46 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

43. “Ngalokho ngithi kini: Niyakwamukwa umbuso kaNkulunkulu, uphiwe isizwe esiyakuveza izithelo zawo.

44. Owayo phezu kwaleli tshe uyakuphohlozwa; kepha yilowo nalowo eliyakuwela phezu kwakhe liyakumcolisa.”

45. Abapristi abakhulu nabaFarisi beyizwa imifanekiso yakhe bazi ukuthi ukhuluma ngabo.

46. Base befuna ukumbamba; kepha bazesaba izixuku, ngokuba zazithi ungumprofethi.

Ngokukamathewu 21