43. “Ngalokho ngithi kini: Niyakwamukwa umbuso kaNkulunkulu, uphiwe isizwe esiyakuveza izithelo zawo.
44. Owayo phezu kwaleli tshe uyakuphohlozwa; kepha yilowo nalowo eliyakuwela phezu kwakhe liyakumcolisa.”
45. Abapristi abakhulu nabaFarisi beyizwa imifanekiso yakhe bazi ukuthi ukhuluma ngabo.
46. Base befuna ukumbamba; kepha bazesaba izixuku, ngokuba zazithi ungumprofethi.