Ngokukamathewu 20:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. “Ngokuba umbuso wezulu ufana nomuntu ongumninindlu owaphuma ekuseni ukuqasha izisebenzi ziye esivinini sakhe.

2. Esevumelene nezisebenzi ngodenariyu* ngosuku, wazithumela esivinini sakhe.

3. “Waphuma futhi ngehora lesithathu, wabona abanye bemi esigcawini, bengenzi lutho;

4. nakubo wathi: ‘Yanini nani esivinini; ngiyakuninika okufaneleyo.’

Ngokukamathewu 20