Ngokukamarku 8:11-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Khona kwafika abaFarisi, baqala ukuphendulana naye befuna kuye isibonakaliso esivela ezulwini, bemlinga.

12. Wabubula emoyeni wakhe, wathi: “Lesi sizukulwane sifunelani isibonakaliso na? Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikunikwa sibonakaliso.”

13. Wabashiya, wabuye wangena emkhunjini, wamuka, waya ngaphesheya.

Ngokukamarku 8