36. bamukise ukuba baye emaphandleni nasemizaneni ezungezileyo, bazithengele ukudla.”
37. Wayesephendula, ethi kubo: “Bapheni nina ukudla.”Bathi kuye: “Sihambe yini, siyothenga izinkwa zawodenariyu* abangamakhulu amabili, sibaphe badle na?”
38. Wathi kubo: “Ninezinkwa ezingaki na? Hambani nibone.”Sebazi bathi: “Ziyisihlanu, nezinhlanzi ezimbili.”
39. Wabayala ukuba bonke bahlale phansi etshanini obuluhlaza izigaba ngezigaba.