Ngokukamarku 5:12-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Bamncenga bathi: “Sithumele ezingulubeni ukuba singene kuzo.”

13. Wabavumela. Omoya abangcolileyo baphuma, bangena ezingulubeni; umhlambi wagulukudela eweni, waphonseka elwandle kungathi izinkulungwane ezimbili, zaminza elwandle.

14. Ababezalusa babaleka, baya babika emzini nasemaphandleni; base beza ukuyobona okwenzekileyo.

15. Bafika kuJesu, bambona obekhwelwe ngamademoni ehlezi embethe, esangulukile, yena owayenelegiyona;* base besaba.

16. Ababekubonile babatshela ukuthi kwenzeke kanjani kowayekhwelwe ngamademoni, nangezingulube.

Ngokukamarku 5