Ngokukamarku 15:3-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Abapristi abakhulu bammangalela ngokuningi.

4. UPilatu wabuye wambuza, wathi: “Awuphenduli lutho na? Bheka, bakuthwesa icala ngokuningi kangaka.”

5. Kodwa uJesu akabe esaphendula lutho, waze wamangala uPilatu.

6. Kwathi ngomkhosi wayehleze ebakhululela isiboshwa sibe sinye abasicelayo.

7. Kwakukhona-ke omunye, nguBaraba igama lakhe, owayeboshiwe kanye namahlubuka; wona ayebulele umuntu ekuhlubukeni.

8. Isixuku senyuka, saqala ukucela ukuba abenzele njengalokho ebehleze ebenzela.

9. Kepha uPilatu wabaphendula wathi: “Nithanda ukuba nginikhululele inkosi yabaJuda na?”

10. Ngokuba wayekwazi ukuthi abapristi abakhulu bamnikele ngomhawu.

11. Kepha abapristi abakhulu babhebhezela isixuku ukuba okungcono asikhululele uBaraba.

12. UPilatu wabuye waphendula, wathi kubo: “Pho-ke, ngimenzenjani lo enithi uyinkosi yabaJuda na?”

Ngokukamarku 15