Ngokukamarku 15:2-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. UPilatu wambuza wathi: “Wena uyinkosi yabaJuda na?”Waphendula, wathi kuye: “Usho khona.”

3. Abapristi abakhulu bammangalela ngokuningi.

4. UPilatu wabuye wambuza, wathi: “Awuphenduli lutho na? Bheka, bakuthwesa icala ngokuningi kangaka.”

5. Kodwa uJesu akabe esaphendula lutho, waze wamangala uPilatu.

6. Kwathi ngomkhosi wayehleze ebakhululela isiboshwa sibe sinye abasicelayo.

7. Kwakukhona-ke omunye, nguBaraba igama lakhe, owayeboshiwe kanye namahlubuka; wona ayebulele umuntu ekuhlubukeni.

8. Isixuku senyuka, saqala ukucela ukuba abenzele njengalokho ebehleze ebenzela.

9. Kepha uPilatu wabaphendula wathi: “Nithanda ukuba nginikhululele inkosi yabaJuda na?”

10. Ngokuba wayekwazi ukuthi abapristi abakhulu bamnikele ngomhawu.

11. Kepha abapristi abakhulu babhebhezela isixuku ukuba okungcono asikhululele uBaraba.

12. UPilatu wabuye waphendula, wathi kubo: “Pho-ke, ngimenzenjani lo enithi uyinkosi yabaJuda na?”

13. Babuye bamemeza, bathi: “Mbethele esiphambanweni!”

14. Kodwa uPilatu wathi kubo: “Ngokuba wenze bubi buni na?”Kepha bamemeza kakhulu, bathi: “Mbethele esiphambanweni!”

15. Khona uPilatu ethanda ukudelisa isixuku wasikhululela uBaraba, kepha wamshaya uJesu, wamnikela ukuba abethelwe esiphambanweni.

16. Amabutho ayesemngenisa phakathi endlini ethiwa iPretoriyu, abizela ndawonye ibutho lonke.

Ngokukamarku 15