Ngokukamarku 14:64-68 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

64. Senikuzwile ukuhlambalaza; nithini na?”Bamlahla bonke ngokuthi ufanele ukufa.

65. Abanye base beqala ukumkhafulela ngamathe nokumgubuzela ubuso nokumdushuza, bathi kuye: “Profetha.” Nezikhonzi zamthatha zammukula.

66. UPetru esesegcekeni ngaphansi, kwafika enye yamantombazana ompristi omkhulu,

67. yambona uPetru otha, yambheka, yathi: “Nawe ubunoJesu waseNazaretha.”

68. Kepha waphika wathi: “Angikwazi, yebo, angikuzwisisi okushoyo;” waphumela enkundleni; lakhala iqhude.

Ngokukamarku 14