Ngokukamarku 13:22-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

22. Ngokuba kuyakuvela okristu bamanga nabaprofethi bamanga, benze izibonakaliso nezimangaliso, ukuze badukise abakhethiweyo, uma kungenzeka.

23. Kepha qaphelani nina; senginitshele konke ngaphambili.

24. “Kodwa ngalezo zinsuku emva kwalolo sizi ilanga liyakufiphazwa, nenyanga ayiyikukhanya,

25. nezinkanyezi ziyakuwa ezulwini, namandla asezulwini ayakuzanyazanyiswa.

26. Khona-ke bayakubona iNdodana yomuntu iza emafwini, inamandla amakhulu nenkazimulo.

Ngokukamarku 13