Ngokukamarku 10:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Wasuka lapho, weza emikhawulweni yaseJudiya nangaphesheya kweJordani; izixuku zabuye zabuthana kuye, waphinda wabafundisa abantu njengokujwayela kwakhe.

2. Kwase kusondela kuye abaFarisi, bambuza ukuthi kuvunyelwe yini ukuba indoda ilahle umkayo, bemlinga.

3. Waphendula, wathi kubo: “UMose waniyala ngokuthini na?”

Ngokukamarku 10