Ngokukaluka 9:19-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. Baphendula bathi: “UJohane uMbhapathizi; kepha abanye bathi: Ngu-Eliya; abanye kodwa bathi: Kuvukile umprofethi othile wabadala.”

20. Wayesethi kubo: “Nina-ke nithi ngingubani na?”UPetru waphendula wathi: “UnguKristu kaNkulunkulu.”

21. Wabayala, wagcizelela ukuba bangatsheli muntu lokho,

22. wathi: “INdodana yomuntu imelwe ukuhlupheka ngokuningi, ilahlwe ngamalunga nabapristi abakhulu nababhali, ibulawe, ivuswe ngosuku lwesithathu.”

23. Wayesethi kubo bonke: “Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe imihla ngemihla, angilandele.

Ngokukaluka 9