Ngokukaluka 9:17-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. Badla, basutha bonke, kwabuthwa imvuthuluka eyasala kubo, iziqabetho eziyishumi nambili.

18. Kwathi ekhuleka ngasesitha, abafundi babe naye; wababuza ethi: “Abantu bathi ngingubani na?”

19. Baphendula bathi: “UJohane uMbhapathizi; kepha abanye bathi: Ngu-Eliya; abanye kodwa bathi: Kuvukile umprofethi othile wabadala.”

20. Wayesethi kubo: “Nina-ke nithi ngingubani na?”UPetru waphendula wathi: “UnguKristu kaNkulunkulu.”

21. Wabayala, wagcizelela ukuba bangatsheli muntu lokho,

Ngokukaluka 9