Ngokukaluka 6:26-31 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

26. Maye kinina,nxa abantu bonke bekhuluma kahle ngani,ngokuba oyise babo benze njalo kubaprofethi bamanga!

27. “Kepha ngithi kini enizwayo: Thandani izitha zenu, nenze okuhle kwabanizondayo,

28. nibusise abaniqalekisayo, nibakhulekele abanidumazayo.

29. Okushaya esihlathini, mnike nesinye; nokwaphuca ingubo, ungamnqabeli nebhantshi.

30. Muphe yilowo nalowo ocela kuwe; nokwaphuca okwakho, ungabuyi ukubize kuye.

31. Njengalokhu nithanda ukuba abantu benze kini, yenzani njalo kubo.

Ngokukaluka 6