26. Maye kinina,nxa abantu bonke bekhuluma kahle ngani,ngokuba oyise babo benze njalo kubaprofethi bamanga!
27. “Kepha ngithi kini enizwayo: Thandani izitha zenu, nenze okuhle kwabanizondayo,
28. nibusise abaniqalekisayo, nibakhulekele abanidumazayo.
29. Okushaya esihlathini, mnike nesinye; nokwaphuca ingubo, ungamnqabeli nebhantshi.
30. Muphe yilowo nalowo ocela kuwe; nokwaphuca okwakho, ungabuyi ukubize kuye.
31. Njengalokhu nithanda ukuba abantu benze kini, yenzani njalo kubo.