38. Wayesethi kubo: “Nikhathazekeleni na? Kuvelelani imizindlo ezinhliziyweni zenu na?
39. Bhekani izandla zami nezinyawo zami ukuthi yimina uqobo; ngiphatheni, nibone, ngokuba ithongo alinanyama namathambo, njengokuba ningibona nginakho.”
40. Esekushilo lokho wababonisa izandla nezinyawo.
41. Kepha bengakakholwa ngenxa yentokozo bemangala, wathi kubo: “Ninakho ukudla lapha na?”
42. Bamnika iqatha lenhlanzi eyosiweyo neqa lezinyosi.
43. Wakuthatha, wadla phambi kwabo.
44. Wayesethi kubo: “Yiwo lawo mazwi ami engawakhuluma kini ngisenani okuthi: ‘Kumelwe ukugcwaliseka konke okulotshwe ngami emthethweni kaMose, nakubaprofethi nasemaHutsheni.’ ”
45. Khona wayesevula ingqondo yabo, ukuze baqonde imibhalo.