Ngokukaluka 23:9-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Wambuza ngamazwi amaningi, kepha yena kamphendulanga ngalutho.

10. Abapristi abakhulu nababhali babemi bemmangalela kakhulu.

11. Kepha uHerode namabutho akhe bameyisa, bambhinqa, baze bamembathisa ingubo ecwebezelayo, bambuyisela kuPilatu.

12. Ngalolo suku oPilatu noHerode baba ngabahlobo; ngokuba ngaphambili kwakukhona ubutha phakathi kwabo.

Ngokukaluka 23