31. “Ngokuba uma benza lokho emthini oluhlaza, kuyakwenziwani kowomileyo.”
32. Kwakukhona nabanye, izelelesi ezimbili, abayiswa ukuba babulawe kanye naye.
33. Sebefikile endaweni ethiwa iKhanda bambethela khona nazo izelelesi, esinye ngakwesokunene nesinye ngakwesokhohlo.
34. Kepha uJesu wathi: “Baba, bathethelele, ngokuba abakwazi abakwenzayo.” Babelana izingubo zakhe, benzelana inkatho.