Ngokukaluka 22:42-46 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

42. wathi: “Baba, uma uthanda, susa lesi sitsha kimi; nokho makungenziwa intando yami kodwa eyakho.”

43. Kwabonakala kuye ingelosi ivela ezulwini, imqinisa.

44. Esosizini olunzima wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaba njengamathonsi egazi, aconsela emhlabathini.

45. Esesukume ekukhulekeni weza kubafundi bakhe, wabafumana belele ngokudabuka.

46. Wathi kubo: “Nilaleleni na? Vukani nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni.”

Ngokukaluka 22