Ngokukaluka 2:46-49 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

46. Kwathi emva kwezinsuku ezintathu bamfumana ethempelini ehlezi phakathi kwabafundisi, ebezwa, ebabuza.

47. Bonke ababemuzwa bamangala ngokuqonda nangokuphendula kwakhe.

48. Bathi bembona, bamangala; unina wathi kuye: “Mntanami, usenzeleni okunje na? Bheka, uyihlo nami besikufuna silusizi.”

49. Wathi kubo: “Kukanjani, beningifunelani na? Beningazi yini ukuthi kumelwe ukuba ngibe kokukaBaba na?”

Ngokukaluka 2